Ubufakazi Obuqanda Ikhanda Kwelokubulawa KukaMeyiwa?
Ukutholakala kobufakazi obusha ecaleni lokubulawa kowayengunozinti oqavile ezweni laseNingizimu Afrika, uSenzo Meyiwa, kwenze igama lakhe lasematheni. Abalandeli bebhola nomphakathi uwonkana kuningi abasafisa ukucaciseleka kukhona, lokhu kulangazelela kwabo ukwazi bakuveze kakhulu ezinkundleni zokuxhumana. Asemaningi namaphephandaba abhalile ngalesi sihloko. Elinye lamaphephandaba aqavile KwaZulu Natal libhale kanje:
"KUVELE igama likaKelly Khumalo emaphepheni asenkantolo, Isolezwe eliwabonile, ngesikhathi kuvela okokuqala abasolwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
NgoLwesibili ekuseni kuvele abasolwa uKhulela Themba Sibiya, Bongani Sandiso Ntanzi, Mthobisi Chris Mncube, Mthokoziseni Zifozonke Mapisa noSifiso Ntuli enkantolo yeMantshi eBoksburg ngecala lokubulawa kukaMeyiwa. Babhekene necala lokubulala, ukuzama ukubulala kanye nokubamba inkunzi.
Bonke abasolwa banqabile ukufaka izicelo zebheyili. Abasolwa abane bebenganabo abameli kanti iMantshi uHans Havenga ibayelele ukuthi kuyobasiza ukuthola ummeli njengoba benezikhalazo.
Phakathi enkantolo kuphinde kwaputshuka umbiko kaColonel Bongani Gininda wamaphoyisa aphenya amacala asehlale isikhathi engaxazululiwe (Cold Case Division) abephenya leli cala kuvela ukuthi kusamele kuphenywe ukuthi:
– yini eholele ekutheni bavume icala abasolwa bokuqala nowesibili
– Ukuxhumana ngamaselula phakathi kwabasolwa ngaphambi kosuku lwesigameko, ngosuku lwesigameko nangezinsuku ezilandelayo.
– Kuqaphelekile ukuthi kwasetshenziswa imoto ye-Ekurhuleni Metro Police Department (EMPD) ukuthutha abasolwa ngesikhathi bezokwenza izitatimende zokuvula icala. Kumele kuchazwe ukuthi kungani abasolwa bengalandangwa ngezimoto zeSAPS.
– Kumele kutholwe amarekhodi eselula kaKelly Khumalo akhombisa izingxoxo phakathi kwakhe nabasolwa.
– Kusamele kutholwe iDNA yabasolwa engakatholwa
– Kuke kwavela ukuthi kunomashonisa owaboleka uKelly Khumalo ukukhokhela izinkabi nokuthi lo mashonisa ubeseyifuna kabi kabi le mali. Kumele kutholwe isitatimende salo mashonisa.
Icala lihlehliselwe uNovemba 27."